YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 11

11
UJesu ungena eJerusalema
(Math. 21:1; Luk. 19:29; Joh. 12:12)
1Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, 2wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. 3Uma umuntu ethi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.’ ”
4Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. 5Abanye kwababemi khona bathi kubo: “Nenzani nilithukulula ithole na?” 6Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka. 7Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo. 8Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. 9 Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi:
“Hosiyana!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
10Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide.
Hosiyana kweliphezulu!”
11UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili.
Ukuqalekiswa komkhiwane
(Math. 21:18; Luk. 19:45)
12Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba. 13Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. 14UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa.
Ukuhlanzwa kwethempeli
(Math. 21:12; Luk. 19:45)
15Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba; 16wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha. 17 Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”
18Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. 19Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.
20Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. 21UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”
22UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. 23 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. 24 Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. 25 Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. 26Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”
Igunya likaJesu
(Math. 21:23; Luk. 20:1)
27Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga, 28bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?”
29Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. 30Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”
31Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’ 32Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ ” besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela. 33Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi.”
Wayesethi uJesu kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

Currently Selected:

NgokukaMarku 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy