YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 10

10
Ukuhlalisana kwabaganeneyo
(Math. 19:1; Luk. 16:18)
1Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe. 2Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga. 3Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”
4 Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”
5UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo. 6 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. 7 Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; 8labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. 9Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”
10Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho. 11 Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. 12Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
Ukubusiswa kwabantwana
(Math. 19:13; Luk. 18:15)
13Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza. 14Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 15Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” 16Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.
Insizwa enothileyo
(Math. 19:16; Luk. 18:18)
17Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
18Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 19 Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”
20Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
21UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
22Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
23UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”
24Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”
27 UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
Umvuzo wokuzidela
(Math. 19:27; Luk. 18:28)
28UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”
29UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, 30ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. 31Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”
UJesu ukhuluma futhi ngokufa nokuvuka kwakhe
(Math. 20:17; Luk. 18:31)
32Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi: 33“Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe; 34bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu
(Math. 20:20)
35Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”
36Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
37Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.”
38Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?”
39Bathi kuye: “Singakwenza.”
UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; 40kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.”
41Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane. 42UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. 43Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu, 44nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yabo bonke. 45 Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
UBartimewu impumputhe
(Math. 20:29)
46Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni. 47Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
48Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
49Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.”
Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.” 50Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.
51UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”
Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
52 UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

Currently Selected:

NgokukaMarku 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy