YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 8

8
UJesu uphilisa umuntu onochoko
(Mark. 1:40; Luk. 5:12)
1Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. 2Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”
3Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. 4 UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
Ukuphulukiswa kwenceku yenduna
(Luk. 7:1)
5Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: 6“Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.”
7 Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.”
8Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”
10UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu. 11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu, 12 kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
13UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.
Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa
(Mark. 1:23; Luk. 4:31)
14UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane. 15Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.
16Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,
wathwala izifo zethu.”
Ukumlandela uJesu
(Luk. 9:57)
18Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
20UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
21Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”
22Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”
Ukuthuliswa kwesivunguvungu
(Mark. 4:35; Luk. 8:22)
23Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela. 24Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele. 25Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”
26Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.
27Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”
Ukukhishwa kwamademoni
(Mark. 5:1; Luk. 8:26)
28Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. 29Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”
30Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. 31Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.”
32Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini. 33Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. 34Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

Currently Selected:

NgokukaMathewu 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy