YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 26

26
Abakhulu balulekana ngoJesu
(Mark. 14:1; Luk. 22:1)
1Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe: 2 “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.”
3Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase. 4Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. 5Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”
UJesu ugcotshwa eBethaniya
(Mark. 14:3; Joh. 12:1)
6 Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, 7kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.
8Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: “Kwenzelwani lokho kuchitha na? 9Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.”
10Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi; 11 ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo. 12Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. 13Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”
Umvuzo wokumkhaphela uJesu
(Mark. 14:10; Luk. 22:3)
14 Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, 15 wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. 16Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.
Ukumiswa kwesidlo esingcwele
(Mark. 14:12; Luk. 22:7; Joh. 13:21)
17 Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?”
18Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ” 19Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika.
20 Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili. 21 Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.”
22Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba yilowo, nalowo, ukuthi: “Kungaba yimi, Nkosi, na?”
23 Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela. 24INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”
25Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?”
Wathi kuye: “Usho khona.”
26 Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” 27Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; 28 ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. 29 Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”
30 Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.
31 Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’; 32 kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”
33 UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.”
34UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.”
35UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke.
EGetsemane
(Mark. 14:32; Luk. 22:39)
36 Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” 37 Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. 38 Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”
39 Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”
40Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na? 41 Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”
42Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.”
43Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. 44Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.
45Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. 46Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
Ukuboshwa kukaJesu nokuthethwa kwecala lakhe
(Mark. 14:43; Luk. 22:47,63; Joh. 18:2)
47 Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe. 48Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.” 49Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga.
50 UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?”
Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. 51 Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
52UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. 53Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na? 54Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?”
55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba. 56 Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
57 Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. 58Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.
59Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; 60kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, 61 bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ”
62Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” 63 Kepha uJesu wathula.
Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”
64 UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.”
65 Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. 66 Nithini na?”
Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.”
67 Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, 68bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?”
Ukuphika kukaPetru
(Mark. 14:66; Luk. 22:54; Joh. 18:17,25)
69 Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”
70Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.”
71Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.”
72Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”
73Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.”
74Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”
Masinyane lase likhala iqhude. 75UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

Currently Selected:

NgokukaMathewu 26: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy