YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 17

17
Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni
(Mark. 9:2; Luk. 9:28)
1Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. 2 Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. 3Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.
4Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”
5 Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”
6Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu. 7Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.” 8Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
9Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”
10Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”
11 Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke. 12Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” 13Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.
Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane
(Mark. 9:14; Luk. 9:37)
14Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, 15wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. 16Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”
17UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” 18UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.
19Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
20 Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula. 21Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”
UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe.Imali yethempeli
(Mark. 9:30; Luk. 9:43)
22 Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu; 23bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.
24 Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”
25Wathi: “Uyayithela.”
Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”
26Wathi: “Kubafo.”
UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile. 27Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

Currently Selected:

NgokukaMathewu 17: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy