YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 7

7
Ukuphulukiswa kwenceku yenduna
(Math. 8:5)
1Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu, wangena eKapernawume. 2Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa. 3Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye, imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo. 4Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: “Ifanele ukuba uyenzele lokho, 5ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.*” 6UJesu wayesehamba nawo.
Kepha engasekude nendlu, induna yekhulu yathumela kuye abahlobo, bathi kuye: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami. 7Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe; kepha yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda. 8Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; nakwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”
9UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo, waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: “Ngithi kini: Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.” 10Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile.
Indodana yomfelokazi waseNayini ivuswa ekufeni
11Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu. 12Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye. 13Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”
14Yasondela, yathinta uhlaka; abaluthweleyo base bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” 15Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.
16Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.” 17Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona.
Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu
(Math. 11:2)
18Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. 19UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
20Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ” 21Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.
22 Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 23ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
24Sezimukile izithunywa zikaJohane, yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 25Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi. 26Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 27 Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:
“ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho
esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’
28“Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.”
29 Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane. 30Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.
31“Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na? 32Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi:
“ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga;
salilisela, anikhalanga.’
33“Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’ 34 Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’ 35Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.”
Owesifazane oyisoni endlini yomFarisi
36Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. 37Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, 38wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.
39Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.”
40UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.”
Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.”
41“Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu* abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. 42Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?”
43USimoni waphendula wathi: “Ngithi yilowo amyekela okukhulu.”
Wathi kuye: “Unqume kahle.”
44Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. 45Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. 46Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. 47Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”
48Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.”
49Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?”
50Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy