YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 6

6
UJesu uchachisa umyalelo wesabatha
(Math. 12:1; Mark. 2:23)
1Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. 2 Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?”
3 UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye 4 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” 5Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”
UJesu uphilisa ngesabatha
(Math. 12:9; Mark. 3:1)
6Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. 7Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. 8Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema.
9UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?”
10Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. 11Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.
Ukukhethwa kwabaphostoli
(Math. 10:1; Mark. 3:13)
12Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. 13Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: 14uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, 15noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, 16noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.
17Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, 18ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. 19 Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.
Intshumayelo yasentabeni
(Math. 5:1)
20Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi:
“Nibusisiwe nina bampofu,
ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu,
ngokuba niyakusuthiswa.
Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu,
ngokuba niyakuhleka.
22Nibusisiwe, nxa abantu benizonda
nanxa benicwasa, benithuka,
belilahla igama lenu ngokungathi libi
ngenxa yeNdodana yomuntu.
23“Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
24“Kepha maye kinina bacebileyo,
ngokuba niyamukele induduzo yenu!
25Maye kinina basuthiyo kalokhu,
ngokuba niyakulamba!
Maye kinina bahlekayo kalokhu,
ngokuba niyakulila, nikhale!
26Maye kinina,
nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,
ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!
27 “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, 28 nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo. 29 Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. 30 Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. 31Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
32“Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. 33Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. 34Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. 35Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. 36Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.
37“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. 38 Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
39Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na? 40Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.
41“Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? 42Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukwelakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
43“Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle. 44Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni. 45Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
46 “Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na? 47Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye. 48Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. 49Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy