YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 5

5
Ukubizwa kukaPetru nababe naye
(Math. 4:18; Mark. 1:16)
1Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, 2wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha. 3Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.
4 Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”
5USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”
6Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo. 7Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.
8Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” 9Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile, 10kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni.
UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.” 11 Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela.
UJesu uphilisa umuntu onochoko
(Math. 8:1; Mark. 1:40)
12Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”
13Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye.
14 Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”
15Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo. 16Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.
UJesu uphilisa umuntu ofe uhlangothi. Ukubizwa kukaLevi
(Math. 9:1; Mark. 2:1)
17Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise. 18Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe. 19Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.
20Ebona ukukholwa kwawo wathi: “Mngane, uthethelelwe izono zakho.”
21Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”
22Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na? 23Yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na? 24Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Kuwena ngithi: Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 25Wasukuma khona lapho phambi kwabo, wathabatha lokho abelele kukho, wamuka waya endlini yakhe emdumisa uNkulunkulu. 26Ukumangala kwabehlela bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bagcwala ukwesaba, bathi: “Sibonile izimanga namuhla.”
27Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” 28Washiya konke, wasukuma, wamlandela.
29ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. 30AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”
31Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. 32 Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”
Ukuzila ukudla
(Math. 9:14; Mark. 2:18)
33Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”
34Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na? 35Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.”
36Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. 37Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. 38Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. 39Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy