YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 4

4
Ukulingwa kukaJesu
(Math. 4:1; Mark. 1:12)
1UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, 2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.
3Wayesethi kuye uSathane: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.”
4 UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.’ ”
5Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. 6USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. 7Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”
8 UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
9Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, 10 ngokuba kulotshiwe ukuthi:
11“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’
“nokuthi:
“ ‘Ziyakukuthwala ngezandla,
ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
12 UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
13USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi.
UJesu udelelwa ngabaseNazaretha
(Math. 13:53; Mark. 6:1)
14UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona. 15Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.
16Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. 17Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:
18 “UMoya weNkosi uphezu kwami,
ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokubona kwabayizimpumputhe,
nokuhlenga abacindezelweyo,
19 nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.”
20Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela. 21Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.”
22Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”
23Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”
24Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo. 25 Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; 26kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. 27 Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.”
28Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho. 29Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi. 30Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.
Ukuphiliswa kweziguli eKapernawume
(Mark. 1:23; Math. 8:14)
31Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha. 32Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.
33Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: 34“Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
35UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.
36Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?” 37Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona.
38Wasuka esinagogeni,* wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye. 39Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza.
40Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa. 41Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.
42Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo. 43Kepha wathi kuzo: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” 44Washumayela emasinagogeni* aseGalile.

Currently Selected:

NgokukaLuka 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy