YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 22

22
Iwundlu lePhasika
(Math. 26:1; Mark. 14:1)
1 Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. 2Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.
Umvuzo wokumkhaphela uJesu
(Math. 26:14; Mark. 14:10)
3 Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. 4Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. 5Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. 6Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.
Ukumiswa kwesidlo esingcwele
(Math. 26:17; Mark. 14:12; Joh. 13:21)
7Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. 8Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”
9Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”
10Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, 11nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ 12Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”
13Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.
14Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye. 15Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. 16Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”
17Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; 18ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”
19 Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
20 Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. 21 Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. 22Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” 23Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.
24 Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu. 25 Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. 26Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo. 27 Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. 28Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; 29nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona 30 ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
USimoni Petru uyaxwayiswa
(Math. 26:31; Mark. 14:27; Joh. 13:36)
31 “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; 32kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”
33Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.”
34Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”
35Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?”
Bathi: “Lutho.”
36Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. 37 Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”
38Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”
Wathi kubo: “Kwanele.”
EGetsemane
(Math. 26:36; Mark. 14:32)
39Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. 40Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” 41Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, 42wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” 43Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. 44 Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
45Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. 46Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”
Ukuboshwa kukaJesu
(Math. 26:47; Mark. 14:43; Joh. 18:2)
47Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. 48Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”
49Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” 50Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.
51Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa.
52Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. 53 Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”
Ukuphika kukaPetru
(Math. 26:69; Mark. 14:66; Joh. 18:1,25)
54Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. 55Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo. 56Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.”
57Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”
58Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”
Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.”
59Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”
60Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. 61INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.” 62Waphumela phandle, wakhala kamunyu.
UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe
(Math. 26:57; Mark. 14:53; Joh. 18:12)
63Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya. 64Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” 65Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.
66Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, 67bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”
Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; 68noma ngibuza, anisoze naphendula. 69Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”
70Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”
Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”
71Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy