YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 21

21
Umnikelo womfelokazi
(Mark. 12:41)
1 Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo. 2Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili; 3wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke. 4Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.”
Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu
(Math. 24:1; Mark. 13:1)
5Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo: 6 “Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
7Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?”
8Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli. 9Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.”
10Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; 11kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
12 “Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. 13Kuyakunehlela kube ngubufakazi. 14Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; 15ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini. 16Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. 17Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. 18Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu. 19 Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. 21Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo. 22Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo. 23Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe. 24 Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
25 “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, 26abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. 27 Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. 28Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”
29Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. 30Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. 31Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
32“Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. 33 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
34“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, 35ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. 36Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”
37Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. 38Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.

Currently Selected:

NgokukaLuka 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy