YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 17

17
Izikhubekiso. Ukuthethelelana. Inkonzo
1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye! 2Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. 3 Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. 4Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.”
5Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”
6 Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.
7“Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: ‘Sondela masinyane, uhlale phansi, udle’? 8Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: ‘Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena,’ na? 9Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na? 10Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ”
Ukuphulukiswa kwabanochoko abayishumi
11 Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. 12Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, 13aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”
14 Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, 16yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.
17Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? 18Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?” 19Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
Umbuso kaNkulunkulu; ukubuya kweNdodana yomuntu
20 Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo. 21Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”
22Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. 23 Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli. 24Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. 25Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.
26 “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. 27 Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28 “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; 29kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke; 30kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. 31Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva. 32 Khumbulani umkaLoti. 33 Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza. 34Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 35Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 36Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”
37Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?”
Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 17: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy