YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 9

9
Umnikelo wokuqala ka-Aroni
1Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli, 2wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova. 3Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa, 4nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”
5Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova. 6Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.”
7UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu, ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.”
8U-Aroni wayesesondela e-altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe. 9Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare; 10kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose. 11Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.*
12Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke. 13Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare. 14Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.
15Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.
16Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso. 17Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.
18Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke, 19namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi, 20abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare; 21izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.
22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.
23OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke. 24 Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.

Currently Selected:

ULevitikusi 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy