YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 27

27
Umthetho wezithembiso
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova, 3ukulinganisa kwakho owesilisa, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube koneminyaka engamashumi ayisithupha, kuyakuba ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele. 4Uma kungowesifazane, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amathathu. 5Uma kusukela koneminyaka eyisihlanu kuze kube koneminyaka engamashumi amabili, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amabili, nowesifazane amashekeli ayishumi. 6Uma kusukela konenyanga kuze kube koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* ayisihlanu esiliva, nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva. 7Uma kusukela koneminyaka engamashuni ayisithupha kuya phezulu, nalapho kungowesilisa, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* ayishumi nanhlanu, nowesifazane kube ngamashekeli ayishumi. 8Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.
9“ ‘Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele. 10Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele. 11Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi, 12umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena mpristi ulinganisa, kuyakuba njalo. 13Kepha uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho ukulinganisa kwakho.
14“ ‘Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba njalo. 15Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe ngeyakhe.
16“ ‘Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere* lebhali* kube ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva. 17Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili,* iyakuma ngokulinganisa kwakho. 18Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili,* umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho. 19Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye. 20Uma engahlengi insimu, noma ethengisile ngensimu komunye umuntu, ayisayikuhlengwa. 21Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili* iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.
22“ ‘Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo, engesiyo insimu yefa lakhe, 23umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili,* anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova. 24 Ngomnyaka wejubili* insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe. 25Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakuba yishekeli.
26 “ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova. 27Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.
28 “ ‘Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.
29 “ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.
Okweshumi
30 “ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova. 31Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho. 32Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova. 33Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.’ ”
34Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.

Currently Selected:

ULevitikusi 27: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy