YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 25

25
Umnyaka wesabatha nowejubili*
1UJehova wakhuluma kuMose entabeni yaseSinayi, wathi: 2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni engininika lona, izwe liyakumgcinela uJehova isabatha. 3Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho, iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso, 4kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe, isabatha kuye uJehova; awuyikulima insimu yakho, ungatheni isivini sakho. 5Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe. 6Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu, okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe; 7nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.
8“ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye. 9 Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini. 10 Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili* kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe. 11Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe. 12Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.
13“ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.
14“ ‘Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani; 15njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe. 16Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo. 17Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.
18 “ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile. 19Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile. 20Uma nisho ukuthi: “Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu,” 21khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu. 22Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.
23 “ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi. 24Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
25 “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo. 26Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga, 27makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe. 28Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
29“ ‘Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa ngayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga. 30Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile, leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili. 31Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.
32“ ‘Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini. 33Uma umLevi engahlengi, indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 34 Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.
35 “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo. 36 Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe. 37Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo. 38NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
39“ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila, 40 kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili, 41andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise. 42Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila. 43 Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.
44“ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo. 45Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu. 46Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, omunye phezu komunye.
47“ ‘Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo, umfowenu abe mpofu kuye, azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi, 48angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye; omunye wabafowabo angamhlenga; 49noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena. 50Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa. 51Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo. 52Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe. 53Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.
54“ ‘Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye. 55Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Currently Selected:

ULevitikusi 25: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy