YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 24

24
Imithetho yothi lwezibani
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo. 3Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, 4alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova.
Imithetho yezinkwa zokubukwa
5 “Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili. 6Wowabeka izinqwaba ezimbili, ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova. 7Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova. 8Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade. 9Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”
Isijeziso sohlambalaza uNkulunkulu
10Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe, yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;* 11indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani. 12Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.
13UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 14 “Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe. 15Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe. 16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
Imithetho yezijeziso
17 “ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa. 18Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila. 19 Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe, njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye, 20 kube ngukwaphuka ngokwaphuka, neso ngeso, nezinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye. 21Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa. 22Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
23UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu,* bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

Currently Selected:

ULevitikusi 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy