YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 21

21
Imithetho yabapristi
1 UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo, 2ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye, okungukuthi unina, noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo, 3nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye. 4Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo, ukuze azihlambalaze.
5“ ‘Abayikuzigega amakhanda abo, bangasiphuculi isilevu emaceleni, bangazigcabi emzimbeni. 6Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.
7“ ‘Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe. 8Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.
9“ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.
10 “ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe, 11angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina, 12futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.
13 “ ‘Wothatha umfazi oseyintombi. 14Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe. 15Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17“Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Umuntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 18Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela: impumputhe noma unyonga, noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene, 19noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo, 20noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe, noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende; 21akungabikho muntu wenzalo ka-Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 22 Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele. 23Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo. 24UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.’ ”

Currently Selected:

ULevitikusi 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy