YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 16

16
Usuku olukhulu lokubuyisana
1 UJehova wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana ka-Aroni ekusondeleni kwawo phambi kukaJehova, afa. 2UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”
3U-Aroni kangene endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, nenqama, ibe ngumnikelo wokushiswa, 4embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande* lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe. 5Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.
6U-Aroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana. 7Wothabatha izimpongo zombili, azibeke phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. 8U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli. 9U-Aroni wonikela ngempongo edliwe yinkatho kaJehova, anikele ngayo ibe ngumnikelo wesono. 10Kepha impongo edliwe yinkatho ka-Azazeli iyakubekwa phambi kukaJehova isezwa ukuba kwenziwe ukubuyisana ngayo, ithunywe ku-Azazeli ehlane.
11U-Aroni wonikela ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana, ahlabe inkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe. 12 Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase-altare phambi kukaJehova, izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo, 13abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi; 14 athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.
15Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa, 16enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo. 17Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana, nxa engena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume, azenzele ukubuyisana, yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.
18 Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke. 19Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.
20Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana ne-altare, uyakunikela ngempongo ezwayo; 21u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke, akubeke enhloko yempongo, ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane, 22impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.
23U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana, akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona. 24Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana. 25Amanoni omnikelo wesono uyakuwashisa e-altare.
26Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.* 27 Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu,* kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo. 28Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*
29 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu. 30Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova. 31Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade. 32Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana, afake izambatho zelineni, izambatho ezingcwele, 33enzele indlu engcwele ukubuyisana, enzele abapristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana.
34Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka.
Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.

Currently Selected:

ULevitikusi 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy