YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 12

12
Ukuhlanjululwa kwababelethayo
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile. 3 Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa. 4Abesehlala esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi amathathu nantathu, angathinti lutho olungcwele, angangeni endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe. 5Kepha uma ezala intombazana, makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe, ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.
6 “ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi, 7yena anikele ngakho phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe. Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.
8 “ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ”

Currently Selected:

ULevitikusi 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy