YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 10

10
Isono nesijeziso samadodana ka-Aroni
1 ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo. 2Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova. 3 UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi:
“ ‘Kubo abaseduze nami
ngiyakungcweliswa,
phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ”
U-Aroni wathula.
4 UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.*” 5Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu,* njengalokho eshilo uMose.
6UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova. 7Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.
8UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: 9 “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu. 10Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo, 11nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”
Izabelo zeminikelo zabapristi
12 UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele, 13niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo. 14 Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli. 15Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.”
16 UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o-Eleyazare no-Itamari amadodana ka-Aroni aseleyo, wathi: 17“Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na? 18 Bhekani, igazi lawo alingeniswanga phakathi endaweni engcwele; bekufanele ngempela ukuba niwudlele endaweni engcwele, njengalokho ngayala.”
19U-Aroni wathi kuMose: “Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova; nokho ngehlelwe yilokhu mina; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na?” 20Esezwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.

Currently Selected:

ULevitikusi 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy