YouVersion Logo
Search Icon

UJoshuwa 19

19
Isabelo sesizwe sakwaSimeyoni
1 Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda. 2Ifa labo laliyiBeri Sheba, neSheba, neMolada, 3neHasari Shuwali, neBala, ne-Eseme, 4ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma, 5neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa, 6neBeti Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo; 7i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo, 8nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo. 9Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
Isabelo sakwaZebuloni
10Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi; 11umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu, 12wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya; 13kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi, nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya; 14umkhawulo wawusujika ngasenyakatho kwalo, waya eHanathoni; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli; 15neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.
16Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwa-Isakare
17Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo. 18Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi, 19neHafarayimi, neShiyoni, ne-Anaharati, 20neRabiti, neKishiyoni, ne-Ebesi, 21neRemeti, ne-Eni Ganimi, ne-EniHada, neBeti Phasesi; 22umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo. 23Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwa-Asheri
24Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo. 25Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, ne-Akishafu, 26ne-Alameleki, ne-Amadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori Libinati; 27wajika ngasempumalanga, waya eBeti Dagoni, wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli, waphumela eKabuli ngakwesokhohlo; 28ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu; 29umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi; 30ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.
31Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwaNafetali
32Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo.
33Umkhawulo wabo wasuka eHelefi, kulo i-oki* laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani; 34umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga, waya e-Azinoti Thabori; waphuma lapho, waya eHukoki; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu, wafinyelela kwa-Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga. 35Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti, 36ne-Adama, neRama, neHasori, 37neKedeshi, ne-Edireyi, ne-EniHasori, 38neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti Anati, neBeti Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo. 39Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwaDani
40Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo. 41Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi, 42neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila, 43ne-Eloni, neThimna, ne-Ekroni, 44ne-Eliteke, neGibethoni, neBalati, 45neJehudi, neBene Beraki, neGati Rimoni, 46neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.
47 Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise. 48Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaDani ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sikaJoshuwa
49Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo; 50ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati Sera, ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.
51 Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.

Currently Selected:

UJoshuwa 19: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy