YouVersion Logo
Search Icon

UJoshuwa 14

14
Izwe elingasentshonalanga kweJordani liyahlukaniswa
1 Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, 2 ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe. 3 Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo. 4 Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo. 5Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, bahlukanisa izwe.
Isabelo sikaKalebi
6 AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya. 7 Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami. 8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. 9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’
10“Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla. 11Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni, ekuphumeni nasekungeneni. 12Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.”
13 UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe. 14Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo. 15Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki.
Izwe lase liphumula ekulweni.

Currently Selected:

UJoshuwa 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy