YouVersion Logo
Search Icon

UJoshuwa 13

13
UJehova uyamyala uJoshuwa ukwahlukanisa izwe
1UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.
2 “Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri, 3kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi, 4lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori, 5nezwe lamaGebali nalo lonke iLebanoni ngasempumalanga, kusukela eBali Gadi ngaphansi kwentaba yaseHermoni kuze kufike ekuyeni eHamati, 6 bonke abakhileyo ezintabeni, kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni; mina ngiyakuwaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa-Israyeli ngenkatho, libe yifa njengokukuyala kwami. 7Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”
8 Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika: 9kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni, 10nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori owabusa eHeshiboni, kuze kube semkhawulweni wabantwana bakwa-Amoni, 11neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka, 12 nawo wonke umbuso ka-Ogi eBashani owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi, owayesele kuyo insali yamaRefa; uMose wabanqoba, wabaxosha. 13Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.
14 Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.
Amafa akwaRubeni nakwaGadi nawenxenye yakwaManase
15UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo.
16Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba, 17neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni, 18neJahasi, neKedemoti, neMefahati, 19neKiriyatayimi, neSibima, neSereti Shahari entabeni yasesigodini, 20neBeti Peyori, nemithambeka yasePisiga, neBeti Jeshimoti, 21 nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe. 22 UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo. 23Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo. Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.
24UMose wanika isizwe sakwaGadi, abantwana bakwaGadi, ngemindeni yaso.
25Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba, 26kusukela eHeshiboni kuze kufike eRamati Mispa naseBethonimi, kusukela eMahanayimi kuze kufike emkhawulweni weDebiri; 27nasesigodini: iBeti Haramu, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni, iJordani nogu lwalo, kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga. 28Lelo laliyifa labantwana bakwaGadi ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.
29UMose wanika inxenye yesizwe sakwaManase: kwaba ngokwenxenye yesizwe sabantwana bakwaManase ngemindeni yabo.
30 Umkhawulo wabo wasuka eMahanayimi: lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, nayo yonke imizi yeJayire eseBashani, imizi engamashumi ayisithupha, 31 nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.
32Lawo angamafa uMose awabela emathafeni akwaMowabi phesheya kweJordani, ngaseJeriko ngasempumalanga. 33Kepha isizwe sakwaLevi uMose akasinikanga fa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyifa labo njengokukhuluma kwakhe kubo.

Currently Selected:

UJoshuwa 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy