YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 42

42
Ukuzithoba kukaJobe
1UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:
2 “Ngiyazi ukuthi ungenza konke;
alinakuvinjwa icebo lakho.
3 Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na?
Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga,
izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
4“Ake ungizwe, kukhulume mina;
ngiyakukubuza, wena ungazise.
5Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe,
kepha manje iso lami liyakubona.
6 Ngalokho ngiyazinenga,
ngizisole othulini nasemlotheni.”
7Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe. 8 Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.” 9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.
Ukubusiswa kukaJobe
10 UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili. 11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.
12 Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane. 13Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. 14Wabiza igama leyokuqala ngokuthi uJemima, negama leyesibili ngokuthi uKesiya, negama leyesithathu ngokuthi uKereni Haphuki. 15Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.
16 Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine. 17 Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.

Currently Selected:

UJobe 42: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy