YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 19

19
UJobe uphendula inkulumo yesibili kaBilidadi: wenzelwe okubi lapho eshiyiwe yizihlobo zakhe; uyazi nokho ukuthi uMhlengi wakhe ukhona
1Wayesephendula uJobe, wathi:
2“Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami,
ningiphohloze ngamazwi, na?
3 Seningihlazisile kayishumi;
aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?
4Uma impela ngidukile,
ukuduka kwami kukimi ngedwa.
5Uma impela niyazikhukhumezela kimi,
niphikisane nami ngehlazo lami,
6yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,
ungihaqe ngenetha.
7 Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’
Kepha angiphendulwa;
ngicela ukusizwa,
kodwa akukho ukwahlulelwa.
8 Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula;
ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
9Ungikhumulile udumo lwami;
ususile umqhele ekhanda lami.
10Ungidilizile nxazonke, sengimukile;
usiphulile ithemba lami njengomuthi.
11 Ungivuthisele intukuthelo yakhe,
wangishaya njengezitha kuye.
12Amabutho akhe afika kanyekanye,
alungise indlela ukuba angisukele;
amisa nxazonke zetende lami.
13 “Udedisile kimi abafowethu,
nabazana nami sebahlukene impela nami.
14Izihlobo zami zingishiyile,
nengazana nabo bangikhohliwe.
15Abagogobele endlini yami
nezincekukazi zami bangishaya umfokazi;
ngingowezizwe emehlweni abo.
16Ngibiza inceku yami,
kayingiphenduli;
ngiyayinxusa ngomlomo wami.
17Umoya wami mubi kumkami,
ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.
18 Yebo, nezingane ziyangidelela;
uma ngivuka, zikhuluma ngami.
19 Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi;
labo ababengithanda sebengifulathele.
20 Amathambo ami anamathela
esikhumbeni sami nasenyameni yami;
ngisinde ngokulambisa kuphela.
21Ngihawukeleni, ngihawukeleni,
nina bangane bami,
ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
22Ningizingelelani njengoNkulunkulu,
ningasuthi ngenyama yami na?
23“Sengathi amazwi ami angalotshwa!
Sengathi angabhalwa encwadini,
24aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu,
kuze kube phakade!
25 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini.
26 Nalapho sesishabalele isikhumba sami,
ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,
27 engiyakumbona uqobo lwami;
amehlo ami ayakumbona,
kungabi njengomfokazi;
okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.
28Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho!
njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’
29 yesabani inkemba,
ngokuba ulaka lungolwezono ezifanele inkemba,
ukuze nazi ukuthi ukwahlulelwa kukhona.”

Currently Selected:

UJobe 19: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy