YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 17

17
Ukuphela kwenkulumo kaJobe: ucela ukumelwa nguNkulunkulu; ulindela ukufa
1“Umoya wami usuchithekile, imihla yami iyacimeka;
okwami sekuyithuna nje.
2Impela kukhona abangiklolodelayo,
iso lami lisekucunuleni kwabo.
3 Ake unginike isibambiso, ungimele;
ngubani oyakuxhawulana nami na?
4Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi;
ngalokho awuyikubaphakamisa.
5Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo,
amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6 Ungibeke isaga sabantu,
ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7Iso lami lifiphele ngosizi;
onke amalungu ami anjengethunzi.
8Abaqotho bayethuswa yilokho;
ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.
9Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe;
onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
10Nokho buyani nonke phela, nize;
kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo.
11Imihla yami isidlulile,
amasu ami anqunyiwe
kanye nemicabango yami yenhliziyo.
12Ubusuku babenza imini,
bathi:
‘Ukukhanya kuseduze nobumnyama.’
13Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami,
ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,
14 ngibize ukubola ngokuthi ubaba
nezimpethu ngokuthi umame nodadewethu,
15liphi, pho, ithemba lami na?
Yebo, ithemba lami,
ngubani oyakulibona na?
16Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo,
lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.”

Currently Selected:

UJobe 17: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy