YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 11

11
Inkulumo yokuqala kaSofari: ngokungazi kwakhe uJobe akaqondi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngalokho makaphenduke
1Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:
2“Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?
Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?
3Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?
Nalapho ukloloda,
akakho ongakuhlaza na?
4Ngokuba uthi:
‘Ukufundisa kwami kulungile;
ngimhlophe emehlweni akho.’
5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,
akuvulele izindebe zakhe,
6akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,
ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,
uze wazi ukuthi uNkulunkulu,
ukuba kube kuhle kuwe,
wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.
7 “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?
Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?
8 Kuphakeme njengezulu – ungenzani na?
Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?
9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,
sibanzi kunolwandle.
10 Uma edlula, avalele,
abizele ekwahluleleni,
ngubani ongamkhalima na?
11Ngokuba uyabazi abantu ababi;
lapho ebona ukona, akayikukunaka na?
12Umuntu oyize uyakuba nengqondo,
nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.
13“Uma ulungisa inhliziyo yakho,
welulele izandla zakho kuye;
14uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,
ungahlalisi ububi ematendeni akho,
15khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,
uqine, ungesabi.
16Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,
ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.
17 Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini;
noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.
18Uyakuba nokwethemba,
ngokuba ithemba likhona;
uyakuphendla,
ulale ngokulondeka.
19 Uyakulala, ungethuswa muntu;
abaningi bayakuzincengela kuwe.
20 Kepha amehlo ababi ayakufiphala;
abayikuba nandawo yokuphephela;
ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

Currently Selected:

UJobe 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy