YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 4

4
UJesu ukhuluma nowesifazane waseSamariya
1Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane, 2ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe, 3yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.
4Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya. 5 Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. 6Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
7Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” 8Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.
9 Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.
10 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”
11Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na? 12 Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”
13 Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; 14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”
15Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”
16Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”
17Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.”
UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’ 18ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”
19 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena. 20 Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”
21UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema. 22 Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda. 23Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. 24 UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”
25Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”
26 UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”
27Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: “Ufunani na?” noma: “Ukhulumelani naye na?”
28Owesifazane wayeseshiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi kubantu: 29“Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo; kungebe nguye uKristu na?” 30Baphuma emzini, beza kuye.
31Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”
32Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.”
33Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?”
34 UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe. 35Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa. 36Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. 37Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’ 38Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.”
39AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.” 40Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. 41Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.
42 Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”
43Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile. 44Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo. 45Kuthe-ke ukuba afike eGalile, abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini.
Ukuphiliswa kwendodana yenduna yaseKapernawume
46UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. 47Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.
48 Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
49Induna yenkosi yathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.”
50Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba. 51Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile. 52Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono; khona zathi kuye: “Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.”
53 Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.
54 Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.

Currently Selected:

NgokukaJohane 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy