YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 16

16
Isigcino senkulumo kaJesu. Ukuhlupheka okuzayo
1“Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki. 2 Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. 3 Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami; 4 kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.
Umsebenzi kaMoya oNgcwele
5 “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’ 6Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi. 7 Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. 8Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: 9ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; 10 ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; 11 ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.
12 “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. 13 Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. 14Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. 15 Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.
Ukumuka nokubuya kukaJesu
16 “Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”
17 Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?” 18Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.”
19UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na? 20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. 21Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. 22 Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. 23 Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. 24 Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
25 “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. 26Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; 27 ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. 28Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”
29Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. 30 Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”
31UJesu waphendula wathi: “Seniyakholwa manje na? 32 Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.
33 “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”

Currently Selected:

NgokukaJohane 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy