11
Ukuvuswa kukaLazaru
1 #
Luk. 10:38
Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. 2#Math. 26:7; Mark. 14:3; Joh. 12:3UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. 3Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.”
4 #
Joh. 9:3
UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” 5Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. 6Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo.
7Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.”
8 #
Joh. 10:31
Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”
9 #
Math. 6:22; Joh. 9:4 UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. 10Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”
11 #
Math. 9:24
Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”
12Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” 13Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.
14Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; 15ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”
16 #
Mark. 10:32
Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”
17Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni. 18IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu. 19Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. 20Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.
21Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga; 22kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”
23UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”
24 #
Luk. 14:14; Joh. 5:29 UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”
25 #
Joh. 14:6
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. 26#Joh. 5:24; 6:40; 8:51Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”
27 #
Math. 16:16; Joh. 4:42; 6:69 Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”
28Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, uyakubiza.” 29Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye. 30Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. 31AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”
32UMariya esefike lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.”
33Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; 34wathi: “Nimbekephi na?”
Bathi kuye: “Nkosi, woza ubone.”
35UJesu wakhala izinyembezi.
36Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”
37 #
Joh. 9:6
Kepha abanye kubo bathi: “Lo owavula amehlo empumputhe wayengekwenze yini ukuba yena lo angafi na?”
38Ngakho uJesu, ebubula futhi phakathi kwakhe, wafika ethuneni. Lalingumhume, kwakukhona itshe phezu kwawo. 39Wathi uJesu: “Susani itshe.”
UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.”
40UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”
41 #
Math. 14:19
Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. 42Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.”
43 #
Luk. 7:14
Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.” 44Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.”
Umphakathi unquma ukumbulala uJesu
45 #
Joh. 12:42
Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye. 46Kepha abanye babo baya kubaFarisi, babatshela abekwenzile uJesu. 47#Math. 26:3Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi; 48uma simyeka njalo, bazakukholwa nguye bonke; amaRoma ayakufika, asamuke indawo nesizwe.”
49Kepha othile wabo, uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka, wathi kubo: “Anazi lutho nina; 50#Joh. 18:14aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu, isizwe sonke singabhubhi.”
51 #
Eks. 28:30
Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe; 52#Joh. 10:16; 1 Joh. 2:2kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye. 53#Math. 12:14Kusukela kulolo suku baceba ukuba bambulale.
54Ngakho uJesu kabuyange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi; wahlala khona nabafundi bakhe.
55 #
2 IziKr. 30:17
Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule. 56Ngakho bamfuna uJesu, bexoxa bemi ethempelini, bethi: “Nithini na? Akayikuza nempela emkhosini na?” 57Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.