YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 2

2
Ukuhlubuka kuka-Israyeli
1Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:
2 “ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho,
nothando lwakho, usengumakoti,
nokungilandela kwakho ehlane,
izwe elingatshalwanga.
3 U-Israyeli ungcwele kuJehova,
ululibo lwezithelo zakhe;
bonke abazidlayo bayathola icala,
okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.
4Zwanini izwi likaJehova
nina ndlu kaJakobe,
nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.
5 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ububi buni oyihlo ababufumene kimi,
baze badeda kude nami,
balandela okuyize, baba yize, na?
6 Abashongo ukuthi:
‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe,
wasihola ehlane
ezweni lezingwadule nelemigodi,
ezweni elomileyo nelethunzi lokufa,
ezweni elingadatshulwa muntu,
nalapho kungahlali muntu khona, na?’
7 Nganingenisa ezweni elivundileyo
ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo,
kepha lapho seningenile,
nalingcolisa izwe lami,
nenza ifa lami laba yisinengiso.
8 Abapristi abashongo ukuthi:
‘Uphi uJehova?’
Abaphethe umthetho babengazi,
ababusi baphambuka kimi,
abaprofethi baprofetha ngoBali,
balandela okungenakusiza.
9“Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova,
“ngiphikisane nabantwana babantwana benu.
10Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone,
nithume eKedari, niqonde kahle,
nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?
11 Isizwe sike senana ngawonkulunkulu
abangesibo onkulunkulu na?
Kepha abantu bami benanile udumo lwabo
ngokungenakusiza.
12 Mangalani ngalokho, mazulu,
nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.
13 “Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:
bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo,
bazigubhele imithombo,
imithombo evuzayo,
amanzi angenakuhlala kuyo.
14U-Israyeli uyisigqila yini,
uyisigqila esazalelwa ekhaya na?
Waba kanjani impango na?
15 Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya,
alenza izwe lakhe laba yincithakalo;
imizi yakhe ishisiwe,
kungekho owakhe kuyo.
16 Nabantwana baseNofi naseThahipanesi
baphuca ukhakhayi lwakho.
17 Awuzenzeli lokhu wena
ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho,
lapho ekuhola endleleni, na?
18 Manje unani endleleni eya eGibithe
ukuba uphuze amanzi aseSihori, na?
Unani endleleni eya e-Asiriya
ukuba uwaphuze amanzi omfula na?
19 Ububi bakho buyakukulaya,
nokuhlehla kwakho kuyakukusola;
yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo
yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho
nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
20 “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo,
wazigqabula izibopho zakho,
wathi: ‘Angiyikukhonza.’
Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo
naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza
walala njengesifebe.
21 Mina ngakutshala ungumvini omuhle,
imbewu elungileyo yodwa;
pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi,
elomvini wabezizwe, na?
22Ngokuba noma ugeza ngesoda,*
uzithathele insipho eningi,
ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.
23“Ungasho kanjani ukuthi:
‘Angingcolile,
angilandelanga oBali,’ na?
Bheka indlela yakho esigodini,
wazi ukuthi wenzeni:
uyikamela lensikazi elinejubane,
elizulazula ezindleleni zalo,
24nembongolo yasendle ejwayele ihlane,
esezela umoya ngokukhanuka kwayo;
ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?
Bonke abayifunayo abayikukhathala,
bayakuyifumana ngenyanga yayo.
25 Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,
nomphimbo wakho ukuba ungomi;
kepha wathi: ‘Kuyize;
cha, ngithandile abafokazi,
ngiyakubalandela.’
26“Njengesela linamahloni,
lapho selifunyenwe,
kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,
bona kanye namakhosi abo,
nezikhulu zabo,
nabapristi babo, nabaprofethi babo
27 abathi emthini: ‘Ungubaba,’
nasetsheni: ‘Wena wangizala.’
Ngokuba bangifulathele, abangibheki;
kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabo
bayakusho ukuthi:
‘Vuka, usisindise.’
28 Baphi onkulunkulu bakho
ozenzele bona na?
Mabavuke, uma bengakusindisa
ngesikhathi sokuhlupheka kwakho,
ngokuba njengomumo wemizi yakho,
banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
29“Niphikisanelani nami na?
Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.
30 “Ngibashayele ize abantwana benu,
abakwamukelanga ukulaywa;
inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu
njengengonyama echithayo.
31“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova.
“Bengiyihlane ku-Israyeli,
noma izwe lesigayegaye, na?
Basholoni abantu bami ukuthi:
‘Sesidlubulundile,
asisayikubuyela kuwe,’ na?
32 Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo,
nomakoti ixhama lakhe, na?
Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.
33Ulungisa kahle kanjani
indlela yakho ukufuna uthando!
Ngalokho nabesifazane ababi
ubafundisile izindlela zakho.
34Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi
labampofu abangenacala,
kungabi ngukuthi ubafumene befohla.
Kepha kukho konke lokhu
35uthi: ‘Anginacala.’
Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi.
Bheka, ngiyakwahlulelana nawe,
ngokuba uthi: ‘Angonanga.’
36 Usheshelani kangaka
ukuyiguqula indlela yakho na?
Uyakujabha nangeGibithe,
njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.
37 Uyakuphuma nalapho,
izandla zakho zisekhanda,
ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo,
awuyikuphumelela kubo.

Currently Selected:

UJeremiya 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy