YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 13

13
Ibhande* lelineni
1Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithengele ibhande* lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.” 2Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.
3Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: 4“Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.” 5Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.
6Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.” 7Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.
8Lase lifika izwi likaJehova, lithi: 9“Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema. 10Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi. 11 Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’
Izimvaba ezaphukileyo
12“Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’ 13 Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema. 14 Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”
15Zwanini, nibeke indlebe;
ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.
16 Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo,
engakalihlwisi,
futhi zingakakhubeki izinyawo zenu
ezintabeni zokuhwelela,
nothi nisabheka ukukhanya,
akuphendule ithunzi lokufa,
akwenze kube yisigayegaye.
17 Kepha uma ningalaleli,
umphefumulo wami uyakukhala
ngasese ngokuzidla kwenu;
iso lami liyakukhala nokukhala,
limululeka izinyembezi,
ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
18 Yisho kuyo inkosi
nakuyo indlovukazi ukuthi:
“Hlalani phansi ngokuzithoba,
ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,
umqhele wodumo lwenu.”
19Imizi yaseningizimu ivaliwe,
akakho ovulayo;
wonke uJuda uthunjiwe,
uthunjiwe ngokupheleleyo.
20Phakamisani amehlo enu,
nibone abavela enyakatho;
uphi umhlambi owaphiwa wona,
izimvu zakho ezinhle, na?
21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho
labo okade ubafundisile
ukuba babe ngabangane bakho,
babe yinhloko, na?
Awuyikubanjwa lusizi
njengowesifazane obelethayo na?
22 Uma uthi enhliziyweni yakho:
Ngehlelelweni yilezi zinto na?
Ngobukhulu bokona kwakho
imiphetho yakho iphakanyisiwe,
nezithende zakho ziyadlovulwa.
23UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,
nengwe amabala ayo, na?
Khona ningenza okuhle
nina enifundisiwe ukwenza okubi.
24 “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi
adlula ngomoya wasehlane.
25Lokhu kungokwenkatho yakho,
isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova,
“ngokuba wangikhohlwa,
wethemba emangeni.
26Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho,
kubonakale ihlazo lakho.
27 Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho,
ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho,
ngikubonile emagqumeni asendle.
Maye kuwe Jerusalema!
Awuyikuhlambuluka
koze kube nini na?”

Currently Selected:

UJeremiya 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy