YouVersion Logo
Search Icon

AbAhluleli 7

7
UGideyoni uyanqoba abakwaMidiyani
1 UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini. 2 UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: ‘Isandla sami singisindisile.’ 3 Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi.
4UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu base baningi; behlisele ngasemanzini, ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo uzakuhamba nawe,’ yena ahambe nawe; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo akayikuhamba nawe,’ yena akayikuhamba.”
5Wayesebehlisela abantu ngasemanzini; uJehova wathi kuGideyoni: “Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa, kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.” 6Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu, kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.
7 Wayesethi uJehova kuGideyoni: “Ngalawo madoda amakhulu amathathu axhaphayo ngizakunisindisa, ngibanikele abakwaMidiyani esandleni sakho; bonke abanye abantu mabahambe, yilowo nalowo aye endaweni yakhe.” 8Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma, kwabayilowo nalowo etendeni lakhe, wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu* lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini. 9Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho. 10Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu; 11uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu. 12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.
13Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.”
14Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.”
15Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: “Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.” 16Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu, wawanika, kwaba yileyo naleyo amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni.
17Wathi kuwo: “Ngibukeni, nenze kanjalo; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani. 18Nxa ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, bethani nani amacilongo nxazonke zekamu, nithi: ‘EkaJehova nekaGideyoni!’ ”
19UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand' ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla. 20Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!” 21Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.
22 Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati. 23Amadoda akwa-Israyeli ayebuthene evela kwaNafetali, nakwa-Asheri, nakulo lonke lakwaManase, abaxosha abakwaMidiyani. 24UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani. 25 Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi, ambulala u-Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani; aletha ikhanda lika-Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.

Currently Selected:

AbAhluleli 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy