YouVersion Logo
Search Icon

AbAhluleli 13

13
Ukuzalwa kukaSamsoni
1Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.
2Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. 3Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. 4 Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, 5ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”
6Owesifazane wayeseya ukubika endodeni yakhe, ethi: “Kufikile kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sasinjengesimo sengelosi kaNkulunkulu, sesabeka kakhulu; angimbuzanga ukuthi uvelaphi, naye akangitshelanga igama lakhe. 7Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”
8UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: “O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.”
9UNkulunkulu walalela izwi likaManowa; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye. 10Owesifazane washesha, wagijima, wayitshela indoda yakhe, wathi kuyo: “Bheka, ubonakele kimi lowo muntu owafika kimi ngolunye usuku.”
11UManowa wasukuma wamlandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na?”
Wathi: “Nginguye.”
12Wayesethi uManowa: “Nxa esenzekile amazwi akho, iyakuba yini indlela yomntwana, kuyakwenziwani na?”
13Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Konke engakushoyo kowesifazane makakuxwaye. 14Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini, kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo; konke engamyaleza ngakho kakugcine.”
15 UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Ake sikulibazise, sikulungisele izinyane lembuzi.”
16Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilibazisa, angiyikudla ukudla kwakho; uma ulungisa umnikelo wokushiswa, uyakunikela ngawo kuJehova.” Ngokuba uManowa wayengazi ukuthi uyingelosi kaJehova.
17 UManowa wathi engelosini kaJehova: “Ngubani igama lakho ukuba, lapho esenzekile amazwi akho, sikudumise?”
18 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?” 19 UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu, wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela. 20Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini. 21Kepha ingelosi kaJehova ayiphindanga ukubonakala kuManowa nomkakhe. Khona uManowa waqonda ukuthi yingelosi kaJehova.
22 UManowa wathi kumkakhe: “Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.”
23Kepha umkakhe wathi kuye: “Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho, nga engasitshelanga izinto njengalezi.”
24Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa. 25 UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.

Currently Selected:

AbAhluleli 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy