YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 8

8
Isiprofetho ngokwahlulelwa kuka-Israyeli
1UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.* 2 Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.”
3Ngase ngiya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Biza igama layo ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.* 4Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”
5UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: 6“Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya, 7ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi – yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo – ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo, 8 utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
9Bhevani nina zizwe,
niyakuphela amandla nokho;
bekani indlebe nina mazwe onke akude:
zibhinceni, kepha niyakudangala,
yebo, zibhinceni,
niyakuphela amandla nokho.
10 Lulekanani nokululekana,
kepha kuyakuchithwa;
khulumani izwi, kodwa aliyikuma,
ngokuba uNkulunkulu unathi.
11Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
12 “Ningasho ukuthi kuluzungu konke
abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu,
ningesabi abakwesabayo,
nibe novalo ngakho.
13 UJehova Sebawoti,
mngcweliseni yena,
kube nguye enimesabayo,
yebo, kube nguye eninovalo ngaye.
14 Uyakuba ngokungcwele,
futhi abe yitshe lokukhubekisa,
nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli,
abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
15 Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka,
bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.”
16Bopha ubufakazi,
uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.
17 Ngiyakumlindela uJehova
ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe,
ngethembe kuye.
18 Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.
19 Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na? 20 Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa. 21Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu. 22Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.

Currently Selected:

U-Isaya 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy