YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 47

47
Ukuwa kweBabele
1 “Yehla, uhlale othulini wena ntombi,
ndodakazi yaseBabele,
uhlale emhlabathini,
kungekho sihlalo sobukhosi,
wena ndodakazi yamaKaledi,
ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile
nokuthi uyatetema.
2Thatha amatshe okugaya,
ugaye impuphu,
uyisuse imvakazi yakho,
uwukhumule umhushuzo wakho,
wambule umlenze, uwele imifula.
3 Ubuze bakho buyakwambulwa,
yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;
ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.
4Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti,
oNgcwele ka-Israyeli.
5“Hlala uzithulele,
ungene ebumnyameni,
wena ndodakazi yamaKaledi,
ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.
6Ngabathukuthelela abantu bami,
ngalingcolisa ifa lami,
ngalinikela esandleni sakho;
awubahawukelanga,
walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu
phezu kwabadala.
7 Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’
Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho,
awukhumbulanga ukugcina kwazo.
8 “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,
ohlala ulondekile,
othi enhliziweni yakho:
Yimi, akakho omunye;
angiyikuhlalisa okomfelokazi,
nokufelwa abantwana angiyikukwazi.
9 Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe
ngokuphazima kweso ngalusuku lunye,
ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi
kufike phezu kwakho ngokugcweleyo
phakathi kobuningi bamalumbo akho,
nobuningi beziphonso zakho.
10Wethembile ebubini bakho, wathi:
‘Akakho ongibonayo.’
Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;
wathi enhliziyweni yakho:
‘Yimi, akakho omunye.’
11Kepha ububi buyakukwehlela,
awuyikwazi lapho buvela khona;
nengozi iyakuwela phezu kwakho,
awuyikuba namandla okuyichezukisa,
incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,
ungazi.
12“Yima manje neziphonso zakho
nobuningi bamalumbo akho
okhandlekile kukho kwasebusheni bakho;
mhlawumbe uyakusizakala,
mhlawumbe uyakubanga uvalo.
13Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;
mabasukume, bakusindise abadabula izulu,
nababheka izinkanyezi,
nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi
kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.
14Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo,
abayikuzophula emandleni elangabi;
akusilo ilahle lokotha,
akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.
15Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo,
zihambisene nawe kwasebusheni bakho;
seziyakuzulazula,
kube yileyo naleyo ngendlela yayo,
ekusindisayo ingabikho.

Currently Selected:

U-Isaya 47: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy