YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 3

3
Incithakalo nendlala
1 Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti
iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo,
lonke uzime lwesinkwa
nalo lonke uzime lwamanzi:
2amaqhawe namadoda empi,
abahluleli nabaprofethi,
ababhuli namalunga,
3izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,
abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,
nabanolwazi lokulumba.
4 Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,
nezingane ziyakubabusa.
5Abantu bayakucindezelana,
kube yilowo nalowo,
yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;
abantwana bayakubhensela abadala,
nabadelelekileyo abanodumo.
6Lapho umuntu eyakubamba umfowabo
endlini kayise ethi:
“Wena unengubo,
yiba ngumbusi wethu,
le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”
7ngalona lolo suku uyakudazuluka athi:
“Angiyikuba ngumelaphi,
ngokuba endlini yami akukho sinkwa,
akukho ngubo;
ningangibeki umbusi wabantu.”
8Ngokuba iJerusalema likhubekile,
noJuda uwile,
lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova
ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.
9 Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;
benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.
Maye kuyo imiphefumulo yabo!
Ngokuba bazenzele okubi.
10 Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye,
ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.
11 Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye,
ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.
12 Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela,
nabesifazane bayababusa.
O bantu bami,
abaniholayo bayanidukisa;
bachitha indlela yemikhondo yakho.
13 UJehova usesukumile ukuyokulwa,
umi ukuthetha amacala ezizwe.
14 UJehova uyakungena ekwahluleleni
namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:
“Yinina eniqedile isivini,
impango yabampofu isezindlini zenu.
15Nichobozeleni abantu bami,
nigaye ubuso babampofu, na?”
isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Ukulahlwa kwamadodakazi aseSiyoni
16Wathi futhi uJehova:
“Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa,
ehamba elula izintamo,
eqhikiza amehlo,
ehamba ecokama ekuhambeni kwawo,
ekhenceza ngezinyawo zawo,
17 ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla
izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni,
uJehova awanqunise.”
18Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga, 19neziqhaza, namasongo, nezimvakazi, 20nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu, 21nezindandatho, namacici ekhala, 22nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali,* nezinqalathi, 23nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.
24Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola,
nasesikhundleni sebhande* igoda,
nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla,
nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka,
nasesikhundleni sobuhle isishada.
25Amadoda akho ayakuwa ngenkemba
namaqhawe akho ngokulwa.
26 Amasango alo ayakukhala, alile;
liyakuba yize, lihlale emhlabathini.

Currently Selected:

U-Isaya 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy