YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 29

29
Ukuwa nokuvuswa kwe-Ariyeli
1Wo kuwe Ariyeli,* Ariyeli,
umuzi lapho amisa khona uDavide.
Yengezelani umnyaka emnyakeni,
imikhosi iyingilize,
2ngize ngilicindezele i-Ariyeli,*
kube khona ukukhala nokububula,
libe njenge-Ariyeli kimi.
3Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho,
ngikuvimbezele ngezinqaba,
ngikumisele izindonga.
4Uyakubhidlizelwa phansi,
ukhulume usemhlabathini;
ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi,
kuphume othulini,
izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini,
ukukhuluma kwakho kubethe imilozi othulini.
5 Kodwa isixuku sezitha zakho
siyakuba njengebhuqu elicolekileyo,
noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,
yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
6 Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama,
nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,
nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,*
ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,
siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.
8Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,
kepha evuka usenephango,
noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,
kepha evuka uyethile, womile;
siyakuba njalo isixuku sezizwe zonke
ezisukela intaba yaseSiyoni.
Ubumpumputhe bokomoya
9Zimangaliseni, nimangale;
ziphuphuthiseni, niphuphutheke;
badakiwe, kepha kungengewayini,
bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.
10 Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu
umoya wobuthongo obunzima;
uwavalile amehlo enu,
usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.
11 Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,” 12incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angiyazi incwadi.”
13 Yathi iNkosi:
“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,
bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,
kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,
nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
14 ngalokho ngiyakubuye
ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,
izimangaliso impela;
ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,
nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”
15 Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,
abamisebenzi yabo isebumnyameni,
nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,
ngubani osaziyo, na?”
16 O ukuphendukezela kwenu!
Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,
ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:
“Yena akangenzanga,” na?
noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:
“Akanakuqonda,” na?
17 Akuseyisikhashana nje
iLebanoni lize liphenduke insimu,
nensimu ithiwe ihlathi, na?
18 Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,
namehlo ezimpumputhe ayakubona,
engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.
19Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,
nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.
20Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona,
nesideleli siyakube singasekho,
nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,
21ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,
bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,
bachezukisa olungileyo ngento engelutho.
22Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi:
“UJakobe akasayikuba namahloni,
nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.
23 Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe,
umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe,
bayakungcwelisa igama lami,
yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe,
bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
24Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde,
nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”

Currently Selected:

U-Isaya 29: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy