YouVersion Logo
Search Icon

KumaHeberu 5

5
Umpristi omkhulu ufanele abe ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu
1 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; 2 angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka; 3 ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. 4Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.
UKristu ungumpristi obiziweyo
5 Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:
“UyiNdodana yami wena,
namuhla ngikuzele,”
6 njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:
“Wena ungumpristi kuze kube phakade
ngokokuma kukaMelkisedeki,”
7 owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. 8 Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; 9 esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo, 10ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.
Basengabantwana ekukholweni
11Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni. 12 Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. 13 Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. 14 Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

Currently Selected:

KumaHeberu 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy