YouVersion Logo
Search Icon

KumaHeberu 10

10
Inkonzo yobupristi endala nentsha
1 Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo; 2uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono. 3 Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka; 4ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.
5 Ngalokho-ke esefika ezweni uthi:
“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,
kodwa ungilungisele umzimba.
6Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo
ngenxa yesono awuyithokozelanga.
7Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza –
emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami –
ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,
intando yakho.’ ”
8Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho, 9ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili. 10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.
11 Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono; 12 kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 13 usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. 14Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.
15Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:
16 “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo,
emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:
Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo,
ngiyilobe engqondweni yabo,
17nezono zabo nobubi babo
angisoze ngakukhumbula futhi.”
18Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
Umyalo wokukholwa nokuthembeka
19 Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu 20ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, 21 sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, 22 masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo; 23 masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo; 24 masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, 25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
26 Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, 27 kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani. 28 Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu; 29 pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na? 30 Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.” 31Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
32 Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, 33 kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo. 34 Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.
35 Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. 36 Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso. 37 Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala; 38 kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye. 39Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Currently Selected:

KumaHeberu 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy