YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 49

49
UJakobe ubusisa amadodana akhe
1 UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
2“Qoqanani, nizwe,
nina madodana kaJakobe,
nimlalele u-Israyeli uyihlo.
3“Rubeni, uyizibulo lami wena,
amandla ami,
ukuqala kwezikhwepha zami,
ingqongqo ngesithunzi,
ingqongqo ngamandla.
4 Uyachichima njengamanzi,
awuyikuba nabungqongqo,
ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;
wakhwela okhukhweni lwami.
5“OSimeyoni noLevi bayizelamani;
izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
6 Ungangeni emkhandlwini wabo,
mphefumulo wami;
ungahlangani nebandla labo,
nhliziyo yami,
ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;
ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
7 Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba
lwalunamandla,
nentukuthelo yabo,
ngokuba yayinonya;
ngizakubahlukanisa kwaJakobe,
ngibasakaze kwa-Israyeli.
8“Juda,
abafowenu bazakukudumisa wena;
isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;
amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
9 UJuda uyibhongo lengonyama.
Wenyuke empangweni,
ndodana yami.
Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;
ngubani oyakumvusa na?
10 Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,
nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,
aze afike yena olufanele lona;
nezizwe ziyakumlalela.
11Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,
ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;
uhlanza izingubo zakhe ewayinini,
nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
12Amehlo akhe ayaklwela iwayini,
amazinyo akhe amhlophe ubisi.
13 “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,
abe sosebeni lwemikhumbi;
umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
14“U-Isakare uyimbongolo enamandla,
elala phakathi kwezibaya.
15Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,
nezwe ukuthi limnandi;
wafolisa ihlombe ukuba athwale,
waba yinceku yempoqo.
16 “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,
njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.
17UDani uyakuba yinyoka endleleni,
inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,
awe nyovane olikhweleyo.
18 “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.
19“UGadi, iviyo liyakumcindezela,
kepha yena uyakucindezela isithende salo.
20 “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe;
uyakuveza isilovela samakhosi.
21 UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;
uveza amazwi amnandi.
22“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,
ingatsha ethela ngasemthonjeni;
amagatsha akhe akhwela odongeni.
23Abacibishelayo bayamkhathaza,
bayamdubula, bayamzingela;
24kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;
amandla ezandla zakhe aqiniswa
ngezandla zoMninimandla kaJakobe,
okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,
25 ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,
ngoSomandla ozakukubusisa
ngezibusiso zasezulwini phezulu,
nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,
nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26Izibusiso zikayihlo zinamandla
kunezibusiso zawokhokho bami,
kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;
ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,
nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27 “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;
ekuseni uyadla impango,
kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”
28Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.
29Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, 30 umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela; 31 lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya; 32insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”
33UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.

Currently Selected:

UGenesise 49: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy