YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 45

45
UJosefa uyaziveza kubafowabo
1Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo. 2Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.
3Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.
4 UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe. 5 Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo. 6Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo. 7UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.
8“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe. 9Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali. 10Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho, 11ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’
12“Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina. 13Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe, nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.”
14Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini, wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe. 15Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.
Abafowabo bakaJosefa babuyela ekhaya
16Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe. 17UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani, 18nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’
19“Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza. 20Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”
21Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela. 22Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela. 23Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni. 24Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”
25Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise. 26Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo. 27Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa. 28 Wathi u-Israyeli: “Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.”

Currently Selected:

UGenesise 45: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy