YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 3

3
Ukuwela esonweni
1 Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”
2Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, 3kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ”
4Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; 5kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”
6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla. 7Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.
8Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu. 9Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?”
10Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.”
11Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?”
12U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”
13UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?”
Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”
14UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. 15 Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” 16 Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”
17 Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. 18Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. 19 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”
20U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva,* ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.
21UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.
22UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” 23UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo. 24 Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.

Currently Selected:

UGenesise 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy