YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 23

23
Ukufa kukaSara
1Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara. 2USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.
U-Abrahama uthenga ithuna
3U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi: 4 “Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”
5Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye: 6“Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”
7U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti, 8wakhuluma nabo, wathi: “Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele ku-Efroni indodana kaSowari 9ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona, ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.”
10U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi: 11“Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika le nsimu, nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.”
12U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe. 13Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe, wathi: “Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.”
14U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye: 15“Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli* angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.”
16U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.
17Kanjalo insimu ka-Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre, insimu nomhume okuyo, nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke 18kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe. 19Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani. 20Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

Currently Selected:

UGenesise 23: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy