YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 36

36
Ukubuyiswa kuka-Israyeli
1 “Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova. 2 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: “Ashila,” nokuthi: “Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,” ’ 3ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu, 4ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke, 5yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’ 6ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe. 7Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.
8“ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya. 9Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe. 10Ngiyakwandisa abantu phezu kwenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, yonke yayo; imizi iyakuhlalwa, nezindawo ezichithekileyo ziyakwakhiwa. 11Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova. 12Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami u-Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.
13“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba bathi kuwe: “Wena ungodlayo abantu, waphucile abantwana besizwe sakini,” 14ngalokho awusayikudla abantu, ungasaphuci abantwana besizwe sakini, isho iNkosi uJehova. 15Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”
16Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 17 “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe. 18Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo. 19Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo. 20 Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.’ 21Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa-Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.
22 “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona. 23Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
24“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini. 25 Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. 26 Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. 27Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze. 28Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu. 29 Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu. 30 Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe. 31 Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu. 32Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.
33“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo. 34Izwe elaliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo. 35Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.” 36 Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.’
37 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu. 38Njengomhlambi ongcwelisiweyo, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo, kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.”

Currently Selected:

UHezekeli 36: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy