YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 28

28
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile,
wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu
enhliziyweni yolwandle,”
ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu,
noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu
3 bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli,
ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;
4ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakho
uzizuzele imfuyo,
wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;
5ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga
wandisile imfuyo yakho;
inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.
6“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakho
njengenhliziyo kaNkulunkulu,
7 ngalokho bheka,
ngiyakukwehlisela abafokazi,
abesabekayo bezizwe;
bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakho
izinkemba zabo,
bangcolise ukukhazimula kwakho.
8 Bayakukwehlisela egodini,
ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.
9Usasho phambi kokubulalayo ukuthi:
“Ngingunkulunkulu mina,”
ingani ungumuntu,
ungesiye uNkulunkulu,
esandleni sokugwazayo, na?
10 Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi,
ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”
11Izwi likaNkulunkulu lafika kimi, lathi: 12 “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo;
wawugcwele ukuhlakanipha,
wawuphelele ngobuhle.
13Wawuse-Edene,
insimu kaNkulunkulu;
onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho,
isardiyu,* netopazi,* nedayimani,*
neshohamu,* nejaspi,* nesafire,*
nesimaragidu,* nekrisolithe;*
nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide,
zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.
14 Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo;
ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu,
wahamba phakathi kwamatshe omlilo.
15Wawuphelele ezindleleni zakho
kusukela osukwini lokudalwa kwakho
kwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.
16Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;
ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,
ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,
ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.
17Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,
wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;
ngikulahlele phansi,
ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.
18 Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile
ungcolisile izindlu zakho ezingcwele;
ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;
ngakwenza umlotha emhlabeni
emehlweni abo bonke abakubonayo.
19 Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;
usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”
Isiprofetho ngeSidoni
20Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 21 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo, 22uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;
ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,
bazi ukuthi nginguJehova,
lapho ngenza ukwahlulela kulo,
ngingcweliswe phakathi kwalo.
23Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;
abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalo
ngenkemba ephezu kwalo nxazonke,
bazi ukuthi nginguJehova.
24“ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
25“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe. 26Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”

Currently Selected:

UHezekeli 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy