UHezekeli 2
2
Ukubizwa kukaHezekeli
1Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.” 2 Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi.
3Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla. 4 Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’ 5 Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo. 6 Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo. 7Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki. 8 Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”
9Ngase ngibheka, naso isandla saselulelwe kimi, naphakathi kwaso, bheka, ngumqulu wencwadi. 10Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: “Maye!”
Currently Selected:
UHezekeli 2: ZUL59
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.