YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 13

13
Abaprofethi bamanga
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, profetha ngabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofethayo, uthi kwabaprofetha okwenhliziyo yabo: ‘Zwanini izwi likaJehova. 3 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga! 4O Israyeli, abaprofethi bakho banjengezimpungushe ezindaweni ezichithekileyo. 5 Anenyukelanga ezikhaleni, anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa-Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova. 6Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo. 7Anibonanga umbono oyize, anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: “Kusho uJehova,” mina ngingakhulumanga, na?
8“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova. 9 Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
10 “ ‘Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: “Ngukuthula,” kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe, 11yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula. 12Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”
13“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede. 14Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova. 15Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo, 16abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’
17“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo, 18uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu, 19 nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?
20“ ‘Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni. 21Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu, ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe, nazi ukuthi nginguJehova. 22Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe, 23ngalokho anisayikubona okuyize, ningabe nisabhula ukubhula; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

Currently Selected:

UHezekeli 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy