YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 10

10
1 Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi* kwabonakala okunjengetshe lesafire,* kufana kungathi nesihlalo sobukhosi. 2 Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni, wathi: “Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena phambi kwamehlo ami. 3 Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda, ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi. 4 Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova. 5 Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
6Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni, ethi: “Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi,” yangena, eceleni kwesondo. 7Ikherubi lelulela isandla salo liphakathi kwamakherubi kuwo umlilo owawuphakathi kwamakherubi, lawuthatha, lawubeka ezandleni zakhe owembethe ilineni; wawuthatha, waphuma. 8 Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo.
9 Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.* 10Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo. 11Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo. 12Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo. 13Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo. 14 Yilelo nalelo lalinobuso obune; ubuso bokuqala babungubuso bekherubi, ubuso besibili babungubuso bomuntu, obesithathu babungubuso bengonyama, nobesine babungubuso bokhozi.
15 Amakherubi aziphakamisa; yilezi zidalwa engazibona ngasemfuleni iKhebari. 16 Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo, nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabathini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo. 17Ekumeni kwawo nalawa ema; ekwenyukeni kwawo enyuka nawo, ngokuba umoya wezidalwa wayekuwo.
18Inkazimulo kaJehova yaphuma phezu kombundu wendlu, yema phezu kwamakherubi. 19Amakherubi aphakamisa amaphiko awo, enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo, amasondo eseceleni kwawo; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
20Yilezi zidalwa engazibona phansi kukaNkulunkulu ngasemfuleni iKhebari, ngazi ukuthi zazingamakherubi. 21Yilelo nalelo lalinobuso obune, yilelo lalinamaphiko amane, nesimo sezandla zomuntu sasiphansi kwamaphiko awo. 22 Isimo sobuso bawo, bona babungubuso engabubona ngasemfuleni iKhebari, ukubonakala kwabo, yebo, bona uqobo lwabo; yilelo nalelo lahamba ngokuqonda kobuso balo.

Currently Selected:

UHezekeli 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy