YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 9

9
Inhlupheko yesihlanu: isifo sezinkomo
1UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, umtshele ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze. 2Ngokuba uma wenqaba ukuba bahambe usababambile, 3bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu. 4UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”
5UJehova wanquma isikhathi, wathi: “Kusasa uJehova uzakwenza lokhu ezweni.” 6Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa. 7UFaro wathumela; bheka, emfuyweni yakwa-Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.
Inhlupheko yesithupha: amathumba
8UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Caphunani izinkweshe zomlotha waseziko uMose awusakazele ngasezulwini phambi kukaFaro. 9Uyakuba yibhuqu ezweni lonke laseGibithe, uphenduke amathumba ayakuqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni ezweni lonke laseGibithe.”
10Base bethatha umlotha waseziko, bema phambi kukaFaro; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni. 11Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba, ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe. 12UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.
Inhlupheko yesikhombisa: isichotho
13UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro, uthi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze. 14Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke. 15Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni, 16 kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke. 17Usabavimbela abantu bami, ungabavumeli ukuba bahambe, na? 18Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje. 19Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.’ ”
20Yena owalesaba izwi likaJehova phakathi kwezinceku zikaFaro wazenza izinceku zakhe nezinkomo zakhe ukuba zibalekele ezindlini. 21Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.
22Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe, phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.” 23 UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe. 24Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe. 25Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle, saphula yonke imithi yasendle. 26Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.
27UFaro wathuma wababiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi. 28Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”
29 Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova. 30Kepha wena nezinceku zakho ngiyazi ukuthi anikamesabi uJehova uNkulunkulu.”
31Kwashaywa ifilakisi* nebhali,* ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi laliqhakazile. 32Kepha ukolweni nespelite* akushaywanga, ngokuba kwakungakakhuli.
33UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni. 34UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile, wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe. 35Inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengalokho uJehova eshilo ngoMose.

Currently Selected:

U-Eksodusi 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy